
Nhlakanipho Mnqayi
Abadlali abayisithupha abebeyingxe yomqhudelwano iDr BV Mthethwa Mayoral Tournament—obubanjelwe eSiyabonga Sangweni Sports Complex ngaphansi kukaMasipala waseMfolozi—bathole basayiniswe yiSikhukhune United FC.
Lo mqhudelwano, oqale ngoLwesihlanu waphela izolo, uhehe izinkumbi zabalandeli baseMfolozi namaphethelo abaphume ngobuningi babo ukuzothamela lemidlalo.
Okuhlalukile ngesikhathi kuqhubeka lomqhudelwano ukuthi abadlali abasayine izinkontileka ne-Sekhukhune United FC, kulindeleke ukuthi baqale ukuzilolonga naleli qembu ngoLwesithathu. Ngaphezu kwalaba badlali abayisithupha, kukhona abanye abangu-22 abakhethwe yileli qembu ukuze bathuthukiswe, ngenhloso yokubafaka eqenjini elikhulu ngoJanuary wonyaka ozayo.
“Ngijabule kakhulu ngokuthi le midlalo ayigcini nje ngokunikeza imiklomelo amaqembu nabadlali; inikeza abadlali amathuba okuthuthukisa imisebenzi yabo nokuziphilisa. Nginxusa amaqembu endawo, okuwo Milford FC ne-Richards Bay FC, ukuthi nabo bathumele labo abahlwaya amakhono kule midlalo ukuze bakwazi ukubona abadlali abathembisayo,” kusho iMeya yaseMfolozi, uMnu. Xolani Bhengu.
Emiphumeleni yayizolo, iqembu laku-ward-1 lidle umhlanganiso lemuka no-R130,000; uWard-9 uthathe indawo yesibili, wemuka no-R60,000; kanti uWard-10 uqede endaweni yesithathu, wathola u-R30,000.
Ebholeni labesifazane, uWard-5 uthathe indawo yokuqala, wawina u-R10,000, uWard-3 wathatha indawo yesibili wathola u-R5,000, kanti uWard-6 waqeda endaweni yesithathu wathola u-R3,000.
Abadlali abavelele emidlalweni ehlukene banikezwe u-R1,000 umuntu ngamunye.
Kwi-netball, amaqembu ahambe phambili kube uWard-10, wawina u-R50,000; uWard-14, uthathe indawo yesibili wathola u-R20,000; kanti uWard-13, uqede endaweni yesithathu wathola u-R10,000. Bekungezona-nje ezemidlalo kuphela; kodwa osomabhizinisi abasafufusa nabo bathole ithuba lokuhweba nokwenza imali yokuziphilisa.
