
Nhlakanipho Mnqayi
UMshayeli weloli lamanzi amanzi kaMasipala weTheku ubhekene necala lokubulala kulandela ukushayisa abulale umfana ngesikhathi ebalekela umphakathi ku-ward-96, eAdams Mission.
Kwi-video esisabalale ezinkundleni zokuxhumana, lomshayelo ubonakala eshayela iloli elibhekise ngqo kumfanyana, wagibela phezu kwakhe washonela endaweni yesigameko.
Lomshayeli ubebalekela amalunga omphakathi abemjaha emsola ngokuthi udayisa amanzi ekubeni sekuphele amaviki bengenawo.
Okhulumela uMasipala weTheku, uMnuz Senzelwe Mzila, uthe sebeyazi ngalesi sigameko.
“Sidlulisa amazwi enduduzo emndenini, abangani, kanye nomphakathi. Umasipala uyasebenzisana namaphoyisa futhi usuqalile olwawo uphenyo. Njengoba udaba lusaphenywa, umasipala awukwazi ukukhuluma ngezimo ezoholele kulesi sigameko.
“Ithimba lakwamasapilala selijutshiwe e-Adams Mission ukuze livakasheke umndeni othintekayo futhi linikeze ukweseka okudingekayo,” kusho uMzila.
Uphinde wathi njengomasipala banxenxa izakhamuzi ukuthi ziyeke ukuqhubeka nokusabalalisa le-video yesigameko ezinkundleni zokuxhumana ukuze bahloniphe umndeni oshonelwe.
