
Nhlakanipho Mnqayi
Yize inkinga yamanzi iqhubeka yokuba yiva eThekwini namaphethelo, uMasipala weTheku usugxeke isenzo sokuvalwa kwamanzi emadepho ngokungemthetho evalwa ngosonkontileka.
UMasipala uthi lesi senzo sivimbela abasebenzi bomkhandlu ukuthi bengakwazi ukwenza umsebenzi wabo, futhi lokhu kuphazamisa ukuhlinzekwa kwamanzi kubantu.
IMenenja kaMasipala weTheku, uMnuz Musa Mbhele, ngesikhathi edlulisa inkulumo yakhe ne-Executive Committee (EXCO), uthe isinqumo sokubuyekeza indlela okuqashwa ngayo osonkontileka kwenziwe okutholwe uMcwaningi Mabhuku, oveze ukuthi indlela okunikezwe ngayo osonkontileka bangaphambilini kwenziwe ngaphandle kokulandela imigudu efanele.
“Ngokwemiyalelo kaMcwaningi Mabhuku, idolobha lubuyekeze indlela okuqashwa ngayo osonkontileka ngokusebenzisa uhlelo olusha olubizwa nge-Contractor Infrastructure Panel (CIP) ukuze kulawuleke umsebenzi wokukhanda amapayipi. Yize abanye osonkontileka belwisana nalolu hlelo enkantolo, izindlela zesikhashana zibekiwe ngaphansi kohlelo lwenkontileka yeCIP Management ukuze kuqhubeke umsebenzi wokuhlinzeka.”
“Abanye osonkontileka bangaphambilini sebezwakalise ukungenami, bethi ingxenye yosonkontileka bamdibi munye nedolobha ekubeni engabe basebenza njengababambe iqhaza ngaphansi kosonkontileka abaqokiwe. Ngaphezu kwalezi zikhalazo, ukuqaliswa kohlelo olusha kuyaqhubeka. EsiFundeni saseNyakatho, ukuqashwa sekuqediwe futhi umsebenzi uyaqhubeka,” kusho uMbhele.
Umqondisi Oyinhloko Yezinsiza Zobuchwepheshe, uMnuz Ednick Msweli, ugcizelele ukuthi ukungaboni ngasolinye kuhlobene kakhulu nokudluliselwa kwemodeli entsha yokuqasha. Uqhube wathi izinga lokukhokha (payment rates) alishintshile uma liqhathaniswa nendlela yangaphambilini, njengoba abaqashi abancane abasebenza ngaphansi kwabaphathi benkontileka bethola imali yokuphatha engu-15% egunyazwe yiKomidi Lezokuhlinzekwa Kwedolobha, ibid Adjudication Committee (BAC).
UMsweli uphinde waqinisekisa ukuthi idolobha lisazibophezele ekuxazululeni izinselelo zamanje futhi liyaqinisekisa ukuthi izinsiza ezibalulekile zithunyelwa ngaphandle kokuphazamiseka kuzo zonke izindawo.
