
I-KwaZulu-Natal Political Killings Task Team (PKTT) isibophe isangoma esidumile saKwaMashu ngokuba ungqondongqondo ekubulaweni kwelungu le-African National Congress Youth League (ANCYL) uThamsanqa Kingdom Gcabashe namaphoyisa amabili kamasipala weTheku uLindokuhle Madonsela noNdumiso Thusi.
UGcabashe wadutshulwa ngomhlaka 26 May 2020 eMpumalanga, eHammarsdale. Uphenyo lwaveza ukuthi kwakuyiphutha izinkabi zazihlose ukubulala uMadonsela.
Umsolwa kuthiwa wayethi uMadonnsela ujola nomkakhe wase ehlela ukuthi abulawe.
Ngemuva kwezinsuku ezimbalwa kubulewe uGcabashe kwabulawa uMadonsela noThusi beya emsebenzini.
Ukuboshwa kwesangoma kwenza babe u-6 asebeboshelwe leli cala futhi omunye wabo uHoly Shozi oyilungu leBGC ye-ANC eHammarsdale.
Abanye ngoFana Shabalala, Zamokuhle Nyandu, Mthokozisi Ntando Blose, noSandile Msezane.
Isangoma sizovela okokuqala enkantolo yemantshi eHammarsdale ngoMsombuluko.
Icala labanye abasolwa seliseDurban High Court.
