
Oklebe babophe owayeyimeya yaseMadlanganei e-Utrecht uLindile Mhlungu (42) noMusawenkosi Thwala ngamacala e-fraud, corruption nokuphula imithetho ye-municipal finance management Act (MFMA).
Kuthiwa ngomhlaka 10 July 2019 uMhlungu wethula usomabhizinisi ukuthi ezokwenza izethulo ngokwakhiwa kwe-mall e-Utrecht.
Usolwa ngokuyalela imenenjankamasipala ukuthi iqashe lo somahhizinisi okuyinto eyabe seyenzeka kungalandelwa imigudu efanele.
“Ngemuva kwamaciki ambalwa i-service provider yathumelani invoice ka-R2 014 250.00 kumasipala. Kwenziwa i purchase order kwase kuyakhokhwa. Awukho umsebenzi owenziwa futhi le ndaba yabikwa kumaHawks ukuthi aphenye,” kusho uColonel Simphiwe Mhlongo okhulumela amaHawks eKZN.
Abasolwa baboshwe izolo bavela kancane enkantolo yemantshi eMgungundlovu baphuma ngebheyili. UMhlungu uphume ngo R10 000 uThwala wadedelwa ngoR2000. Icala lihlehliselwe umhlaka 1 September 2026 futhi amaphoyisa athi abanye basazoboshwa.
