
Nhlakanipho Mnqayi
INkantolo yesiFunda eVryheid igwebe owesilisa udilika jele ngokubulala intombi yakhe endaweni yaseGegund Farm, eVryheid zingu-16 February nonyaka.
U-Asanda Fakude ugwetshwe iminyaka engu-30 ebhadla ejele ngokubulala intombi yakhe eyayineminyaka engu-17.
UFakude wamema intombi yakhe ukuba izochitha naye usuku lwezithandani, intombi yangafika. Kwathi ngoMsombuluko, zingu-16 February nonyaka, uFakude ecasulwa yisenzo sokuthi lo wesifazane akafikanga, wabe eseya kuye.
“Ngesikhathi uFakude eya kowesifazane baba nokuhilizisana, wabe esemshaya owesifazane ephindelela waze washona ebulawa indlela ayelimele ngayo. Umsolwa wabe esethatha isidumbu sowesifazane wayosilahla ehlathini.”
“Ngolwesithathu zingu-18 February nonyaka, uFakude wafonela amaphoyisa asePaulpietersburg waziceba ngesenzo ayesenzile. Amaphoyisa awapholisanga maseko, ambopha maqede amyalela ukuba ayokhomba lapho ayelahle khona isidumbu sikamufi,” kusho isitatimende.
Ube esebekwa icala lokubulala, wavela phambi kwenkantolo, nalapho afike walivuma icala lokubulala intombi yakhe.
