
Nhlakanipho Mnqayi
Njengoba kulindeleke ukuthi isizini entsha yeBetway Premiership iqale ngenyanga ezayo, ukwethulwa komqhudelwano waminyaka yonke weKZN Premier’s Cup kuzonikeza amaqembu aKwaZulu-Natal ithuba lokuzibonakalisa.
Lomqhudelwayo ozoqala zingu-25 July uphothulwe zingu-26 nonyaka, uzodlalelwa ezinkundleni ezimbili okubalwa kuzo iPrincess Magogo Stadium, KwaMashu neSugar Ray Xulu Stadium, eClermont. Uzofaka amaqembu angu-6 aseKZN okubalwa kuwo iLamontville Golden Arrows, Milford FC, Durban City, Richards Bay FC, AmaZulu FC, kanye neMidlands Wanderers edlala kuMotsepe Foundation Championship.
Enye inhloso yalomqhudelwano ukuthi lamaqembu ahlole abadlali abasha abasanda kujoyina emaqenjini kanye nokubheka ukuthi izinga lawo likuphi ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2026/27.
UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uThami Ntuli ngesikhathi kuqhathwa amaqembu, eLangeni Hotel, unxenxe abantu ukuthi beze bezobuka ibhola.
“Njengohulumeni kumele sinxenxe abantu babuyele ezinkundleni,” kusho uNtuli.
UMphathiswa wezeMidlalo amaCiko namaSiko KwaZulu-Natal, uMntomuhle Khawula yena ubonge ubudlelwano phakathi kuka hulumeni waKwaZulu-Natal, amaqembu kanye neKZN SAFA, wathi yiyo indlela abakhulisa ngayo ezemidlalo esifundazweni.
Amaqembu aqhathwe kanje:
DAY 1: NgoMgqibelo, 25 JULY 2026 – Princess Magogo Stadium, KwaMashu
Playoff 1: 10:00 | Lamontville Golden Arrows vs Milford FC
Playoff 2: 13:00 | Durban City FC vs Richards Bay FC
Semi-Final 1: 16:00 | AmaZulu FC vs Midlands Wanderers
DAY 2: NgeSonto, 26 JULY 2026 – Sugar Ray Xulu Stadium, Clermont
Semi-Final 2: 10:00 | Winner Playoff 1 vs Winner Playoff 2
FINAL: 14:00 | Winner Semi-Final 1 vs Winner Semi-Final 2
