
Nhlakanipho Mnqayi
Onogada abathathu baKwaNdengezi ababonakala bexhakazisa umshayeli we-Uber owayethwele abesifazane emavikini adlule, banqatsheliwe ibheyili enkantolo yeMantshi, ePinetown.
Laba onogada babonakala kwi-video eyasabalala ezinkundleni zokuxhumana besabiza umshayeli we-Uber, bakhipha nezibhamu, baphinde baxhakazisa nabagibeli besifazane ababesemotweni.
Okuhlalukile ngesikhathi kuqhubeka isicelo sebheyili, ukuthi umshayeli kanye nabesifazane basatshiswa.
“Abagibeli besifazane kanye nomshayeli we-Uber basatshiswa emva kwesigameko. Kuphinde kwavela ukuthi umphathi wenkampani yonogada i-On Call Security naye wasabisa umshayeli we-Uber, emyalela ukuthi asule icala,” kusho isitatimende.
Okhulumela uMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natal, uMnuz Ndabezinhle Sibiya, uthe bayaseseka isinqumo sokuthi kwengezwe amanye amacala kubo onogada, kanye nomphathi wayo inkampani.
“Sithanda ukudlulisa ukubonga kuKhomishana wamaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt-General Nhlanhla Mkhwanazi ojube ithimba labaphenyi ukuthi lisebenze kuleli cala.”
“Sinxenxa nePrivate Security Industry Regulatory Authority (PSiRA) ukuthi nayo ingathuli njengoba izwe lonke litshengisa ukungahambisani kwezenzo ezenziwa onogada kanye nale nkampani,” kusho uSibiya.
Abasolwa bazophinde bavele enkantolo zinfu-17 June nonyaka.
