
Nhlakanipho Mnqayi
UMasipala weTheku uthi amaphaphu phansi emva kwephunga elibi nokunambitheka kwamanzi ezingxenyeni eziningi zaseThekwini.
Umasipala uthe uyasebenzisana noMngeni-uThukela Water (UUW) ukuxazulula ukukhuphuka kwe-2-methylisoborneol (MIB) ethinta ukuhanjiswa kwamanzi eWiggins Wayer Treatment Works.
“Umasipala uqinisekisa izakhamuzi ngokuthi njengoba bekunokushintsha kwephunga nokunambitheka okungakwayelekile, amanzi aphephile ukuthi abantu bangawasebenzisa, aphephile futhi ahloliwe. Lenkinga idalwe ukukhuphuka kuka-2-methylisoborneol, okuyinto yemvelo eyenzekayo eyamaniswa nokukhula kwezinga le-blue-green algae emanzini,” kusho isitatimende.
Sithe yize iMIB ingadala ukunambitheka okungajwayelekile kanye nokunuka emanzini aphuzwayo, ayinabo ubungozi kwezempilo.
“Umhlinzeki wamanzi wedolobha, uMngeni-uThukela Water, usungenelelile ukuxazulula lenkinga eNanda Dam kanye naseWiggins Water Treatmemt Works. Ukungenelela kubalwa kukho ukuhlanzwa kwamanzi okunzulu kanye nokuwaqapha okuseqopheleni eliphezulu.”
“Ngaphezu kwalokho, kuphinde kwengezwa uhlobo oluphambili lokuhlola i-ozone treatment olwenziwe kulenyanga kaMay njengèzinye zezindlela zokungenelela, okwazuzwa kuzo u-50 wamaphesenti okuhambisana ne-powdered carbon treatment systems,” sisho kanje.
UMngeni-uThukela Treatment Works uqinisekisile ukuthi amanzi asezingeni lokuthi abantu bangawaphuza.
Khonamanjalo, umasipala uphinde wagcizelela ukuthi uyasiqonda isimo esenziwe ukushintsha kwephunga futhi ufuna ukuqinisekisa izakhamuzi ukuthi ithimba elikhethekile lisiqaphile isimo futhi liyabonisana noMngeni-uThukela Water ukuqinisekisa ukuthi amanzi ahlanzekile.
