
Nhlakanipho Mnqayi
Abasolwa ababili abebehlome beyizingovolo badutshulwe bashona ngesikhathi beshintshana ngezulu lezandla namaphoyisa, eSydenham, izolo.
Lesi sigameko senzeke ngesikhathi amaphoyisa ezithela kubasolwa abathathu bebamba inkunzi emgwaqeni uBurnwood Road.
Ngokusho kwesitatimende samaphoyisa, abasolwa bebehamba ngeKia sedan ngesikhathi bebamba inkunzi owesilisa.
“Amaphoyisa abe esefinyelela endaweni yesigameko, abasolwa badla phansi. Imoto yabasolwa ibe isishayisana netekisi, bayishiya khona lapho.”
“Ngesikhathi amaphoyisa ebajaha, kube nokudubulana, abasolwa ababili basala enkundleni, oyedwa waboshwa,” kusho isitatimende.
Umsolwa oyedwa uzobhekana namacala okubamba inkunzi kuhlonyiwe kanye nelokuzama ukubulala amaphoyisa.
Alikho iphoyisa elilimalile ngesikhathi kudutshulwana.
