
Nhlakanipho Mnqayi
KZN ABC Motsepe League UMkhambathi FC uguqise uMvoti FC ngo 1-0 eSugar Ray Xulu Stadium kuma interstream playoffs wahamba nesicoco seKZN ABC Motsepe League. Ukunqoba koMkhambathi kusho ukuthi usuzibekisele indawo ekumeleni iKwaZulu-Natal kumaNational Playoffs e-ABC Motsepe League.
KuMotsepe Foundation Championship iKruger United isingompetha abasha beMotsepe Foundation Championship emva kokuguqisa iThe Bees ngo 1-0 emdlalweni wokugcina weligi.
ICape Town City ne Milford FC bazodlala amaPSL Promotional Playoffs njengoba lamaqembu eqede endaweni yesibili neyesithathu. Azobe esejoyinwa iqembu elilodwa kuBetway Premiership elizoqeda endaweni yesi-15.
KuBetway Premiership bezishukana kulempelasono njengoba bekulindeleke ukuthi ithathe isicoco seligi uma iguqisa iDurban City kodwa umdlalo wagcina uphele ngo 0-0.
IPirates kumele nakanjani iwine kwi-Orbit College ngoMgqibelo uma ifuna ukuthatha iligi njengoba isele ngamaphuzu amabili kwiMamelodi Sundowns enamaphuzu angu-68.
KuCAF Champions League, IMamelodi Sundowns isingene ngonyawo olulodwa ekuqukuleni indebe yeCAF Champions League njengoba iguqise iAS FAR Rabat emlenzeni wokuqala ngo 1-0 emdlalweni obubanjelwe eLoftus Versfeld Stadium izolo ntambama.

