
Nhlakanipho Mnqayi
Umqeqeshi osemnkantshubomvu ebholeni lomnqakiswano unyelwe inyoni esandleni njengoba emenyezelwe njengomqeqeshi omusha weqembu lesizwe labesifazane nelabesilisa eSwatini.
UJabulani Vilane obengumqeqeshi weqembu lakuleli lesizwe labesilisa leNetball, uthe kuyintokozo nenjabulo ukuthola ithuba lokuthuthukisa ibhola lomnqakiswano e-Africa.
“Akukaze kwaba lula ukushiya ekhaya kodwa ngiyalithokozela ithuba futhi ngiyakholwa sizosebenza ngokuzikhandla okukhulu.”
“Izinga leNetball lapha e-Africa likhuphukile kakhulu. Alikho izwe elilula nelithatheka kancane, yikho nje ukusebenza ngokuzikhandla ukuze sikwazi ukuthola imiphumela engcono,” kusho uVilane.
Uthe njengoba aphinde abe nguthisha kwezinye zezikole, ukuqeqesha kwenzeka uma kuba namaholidi okuvalwa kwezikole nokuyilapho yena nethimba lakhe behlela ama-camps ukuze umsebenzi ube lula.
“Siphinde senze nezinhlelo zokuzilolonga emakhaya ukuze uma sesihlangana senze ama-tactics,” usho kanje.
