
Nhlakanipho Mnqayi
UMasipala waseMhlathuze usuqinisekise izindaba zokudlula emhlabeni kobeyiphini leMeya, uMnuz Christo Botha.
Ngokusho kwesitatimende, sithe uBotha uxinwe ukugula isikhashana kwabe sekumenela esibhedlela.
“Silahlekelwe kakhulu singuMasipala waseMhlathuze, uMkhandlu kanye nomphakathi wonkana. UMnuz uBotha ubezinikele kuhulumeni wokubambisana eMhlathuze njengoba ahlala ehhovisi kusukela ngo-2023,” kusho isitatimende.
Sithe, uBotha usebenze ngokuzinikela nangobuqotho kubahlali bakulendawo.
IMeya yoMasipala uMhlathuze, uMnuz Xolani Ngwezi kanye noSomlomo woMkhandlu, uMnuz Tobias Gumede, badlulise amazwi endunduzo emndenini kaBotha, eqenjini lakhe iDemocratic Alliance, akade esebenza nabo, kanye nabangani kulesi sikhathi esinzima.
