
Nhlakanipho Mnqayi
Emva kwesenzo sokuziphatha ngobuxhwanguxhwangu kwabafundi enyuvesi yezobuchwepheshe iDurban University of Technology (DUT), eThekwini, ukufunda kuzoqhubeka ngezobuchwepheshe.
Lesi senzo silandela emva kokuthi iqeqebana labantu ababalelwa ku-40 kuya ku-50 lisuse uthuthuva izolo kwaphazamiseka ukufunda nokufundisa kulesi sikhungo.
Kuboshwe abangu-4 izolo abayamaniswa nodlame emphakathini nokucekela phansi. Kuze kube yimanje, babalelwa kwabangu-9 asebeboshiwe kusukela ngoLwesithathu olwedlule.
“Inyuvesi ikhathazekile ngokuziphatha ngobugebengu kweqeqebana labantu ababalelwa ku-40 kuya ku-50. Izenzo zabo ziholele kudlame nokucekela phansi.”
“Lesi senzo siphinde saphazamisa ukufunda, kwaba nokusabisa, kwalimala izitshudeni, kwaphinde kwalimala ingqalasizinda yenyuvesi kanye nezimoto zabasebenzi,” kusho isitatimende.
Inyuvesi ithe ngenxa yalesi siteleka, sekuzofundwa ngezobuchwepheshe.
“Ngokubuka ezokuphepha, konke ukufunda nokufundisa kuzoqhubeka ngezobuchwepheshe kusukela zingu-24 March nonyaka, kuze kuphele isigaba sokuqala,” sisho kanje.
Khonamanjalo, siqhube sathi lesi bekuyisinqumo esiphephile kunokuthi ivalwe inyuvesi. Inhlangano emele abafundi iStudent Representative Council (SRC) nayo iziqhelelanisile nalesi siteleka, yathi ayisiseki.
