
Nhlakanipho Mnqayi
Kubikwa ukuthi isiboshwa siphuce iphoyisa isibhamu esiteshini samaphoyisa eNtuzuma namhlanje ekuseni, kwashintshwana ngezulu lezandla okuthathe cishe ihora elilodwa.
Abalelwa kwangu-6 amaphoyisa abevaleleke ngaphakathi, amanye awo athole imihuzukwana.
Ngokusho kwesitatimende sakwaReaction Unit South Africa (RUSA), sithe isiboshwa sihilizane nephoyisa lapho okugcinwa khona iziboshwa, isiboshwa sase sithatha isibhamu sephoyisa.
“Kube nokuqhuma kwesibhamu ngesikhathi kuqhubeka isigameko. Amaphoyisa amaningi avaleleka ngaphakathi lapho okugcinwa khona iziboshwa,” kusho isitatimende.
Okungaqinisekisiwe ukuthi kubikwa ukuthi isiboshwa sidutshulwe sashona ngesikhathi kushintshwana ngezulu lezandla.
