
Nhlakanipho Mnqayi
Njengoba kuqhubeka ukungezwani phakathi kwezimboni ezimbili zamatekisi ngaphansi koMasipala ILembe, uKhomishana wamaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt-General Nhlanhla Mkhwanazi uthe uma lezi zimboni ziqhubeka nokusabisa noma zinqabele izimoto ezincane ukuthi ziphe abantu o-lift, uzozivala.
UMkhwanazi usho kanje ngesikhathi ekhuluma nemboni yamatekisi yaKwaDukuza neyaKwaMaphumulo namhlanje, esithangamini ebesibanjelwe ehholo lomphakathi eNtshawini, KwaDukuza.
Lesi sithangami besihanjelwe yibamba likaKhomishana wesiFunda iLembe, uBrigadier Sbongile Mhlongo, iProvincial Head of Operational Response Services, uBrigadier Thembinkosi Msimango, uSihlalo wenhlangano eyangamele amatekisi (SANTACO) KwaZulu-Natal, uMnuz Bhoyi Zondi, kanye noSihlalo basembonini yamatekisi aKwaDukuza naKwaMaphumulo.
Ngalesi sithangami bekuhloswe ukubhunga kuphinde kuphunywe nesixazululo kwazise lezi zimboni ezimbili sekuphele iminyaka zingadlelani zibanga imizila.
Ngokusho kwesitatimende samaphoyisa sithe, ngoLwesihlanu, zingu-13 March nonyaka, kube nesigameko sokudubulana emgwaqeni uDoesburg, KwaDukuza.
“Noma kungekho owalimala, izimoto ezimbili zadubuleka kanye nemizi emibili eyayiseduze yayinezimbobo zezinhlamvu. Amaphoyisa aqoqa amagobolondo ezinhlambu angaphezu kuka-50 endaweni yesigameko aphinde ashaqa izibhamu ezingaphezu kuka-20 ezinkampanini ezimbili zonogada, ezigada izikhulu zalezi zimboni ezimbili,” kusho isitatimende.
Ukungazwani kwalezi zimboni kuholele ekutheni kuphazamiseke ukuhamba kwezimoto kanye nodlame kulendawo.
