
Nhlakanipho Mnqayi
Umsolwa (22) obeboshelwe icala lokuzama ukubulala ngoMgqibelo zingu-14 March nonyaka, udutshulwe washona ngesikhathi ezama ukubulala amaphoyisa egumbini ekugcinwa kulo iziboshwa esiteshini samaphoyisa eNtuzuma namhlanje ekuseni.
Amaphoyisa amabili abethatha imininingwane yalesi siboshwa kuleli gumbi, lomsolwa uhilizisane nawo, wawahlula ngamandla, wase ewashaya, ngaphambi kokuthi abaphuce okhiye besicabha.
“Amaphoyisa akwazile ukubiza usizo, kwathi ngesikhathi amanye amaphoyisa efika ukuzobahlenga, umsolwa wase edonsa isibhamu kwelinye lamaphoyisa waqala wadubula ngesikhathi ebavalele ngaphakathi kuleli gumbi. Amaphoyisa akwazile ukucasha njengoba umsolwa ebeqhubeka nokudubula.”
“Ukuthunjwa kwalawa maphoyisa kuqhubekile imizuzwana eminingi ngaphambi kokuthi uphiko lwamaphoyisa e-tactical unit ekwazile ukungena esitokisini, umsolwa wadutshulwa washonela lapho. Amaphoyisa amabili, elesilisa nelesifazane, athole imihuzukwana ngesikhathi kuhiliziswana,” kusho isitatimende.
Amaphoyisa akade ethunjiwe azohoxiswa kancane emsebenzini ukuze ayothola ukwelashwa ngokwengqondo.
