
Nhlakanipho Mnqayi
Inyuvesi yezobuchwepheshe yaseThekwini iDurban University of Technology (DUT) isiqinisekise ukuthi bazowotha ubomvu labo ababebhikisha ngodlame, baphazamisa, baphinde basabisa abasebenzi nabafundi ezingxenyeni eziningi zama-campus akulesi sikhungo eThekwini naseMidlands.
IDUT isho kanje kulandela ukuthi iqeqebana lababeteleka ngesonto eledlule bazibandakanya embhikishweni onodlame nokuziphatha ngokungemthetho. Le nyuvesi iphinde yaveza ukuthi inhlangano emele ebafundi, iStudent Representive Council (SRC) yayingaseseki lesi siteleka esenza ukuthi kume ukufunda ubuso nobuso (face-to-face) kodwa kufundwe kusetshenziswa ezobuchwepheshe (online learning) kuwona wonke ama-campus ale nyuvesi ayisikhombisa.
Esitatimendeni, iDUT ithe amaphoyisa esebenzisana neDUT Protection Services, kunenqubekela phambili ophenyweni labo.
“Labo ababandakanyeka ngokubeka engcupheni ukuphepha kwabafundi bethu nabasebenzi kanye nokucekela phansi impahla, sesiyabazi futhi bazobhekana nengalo yomthetho,” kusho isitatimende.
IDUT iphinde yaqinisekisa ukuthi emva kophenyo olunenqubekela phambili namaphoyisa, ukufunda nokufundisa kuzobuyela esimweni esejwayelekile ngokwesekwa yiSRC, ngoMsumbuluko zingu-2 March nonyaka kuwona wonke ama-campus eThekwini naseMidlands.
