
Umhlonishwa iMeya kaMaspala waseMfolozi uKhansela Xolani Bhengu ududuze othisha, abafundi nabazali besikole iMbonambi Primary ku ward 3 emuva kokudlula emhlabeni kukathishomkhulu wesikole, otholwe emotweni yakhe eshisiwe ngempelasonto.
IMeya uBhengu uhambele kulesi sikole namuhla ngoMsombuluko ekuseni mhlaka 23 February 2026, nabahlonishwa amakhansela aseMfolozi, iMenenja kaMasipala uMnuz Fred Mazibuko emuva kokuthi iNkosi uMbuyazi ithumele isigijimi sokuthi abefundisi, abazali, izinduna nomphakathi awuhlanganyele kulesi sikole kuzokhulekwa.
Lo mkhuleko ubuhanjelwe nawo thishanhloko bezikole bezakhele iMbonambi Primary.
Kwenzeka lokhu nje kulesi sikole, ngoLwesihlanu uthishomkhulu uSibanyoni ubeyingxenye yenkonzo yesikhumbuzo zabafundi bakulesi sikole abafihlwe emasontweni edlule abashone nabomndeni wabo wakwaMnyango engozini ku- N2 eMtubatuba.
AboMnyango wezeMfundo abebeyingxenye yalo mkhuleko bayalele ukuba izingane zigoduke namuhla kusabhekwa abathinteke kakhulu ngenxa yesimo ukuze balulekwe ngokomqondo. Bekuwusizi lodwa kulesi sikole, abafundi nothisha bedinda isililo ngenxa yalesi simo.
