
Izindaba zakamuva zithi kushone umculi uYolanda Nyembezi obedume ngoYallunder.
Ngokombhalo kaSfiso Vilakazi ezinkundleni zokuxhumana, uYallunder ushone izolo esibhedlela iCharlotte Maxeke Academy Hospital.
‘Imininingwane ngenkonzo yesikhumbuzo nomngcwabo izovezwa umndeni. Sicela nivumele umndeni nabangani ukuthi babe ngasese ngalesi sikhathi esinzima. Imiyalezo yenduduzo ibheke kulabo abebethanda futhi bebungaza impilo kaYolanda,” kusho uSfiso.
UYallunder usebenze ezingomeni eziningi noKelvin Momo, Kabza De Small, Mzukulu, Morda, Oskido, Sjava nabanye abaningi
UKelvin Momo usedlulise amazwi enduduzo ku-Instagram nge video kaYallunder.
“Ngiyaxolisa. Ungiphathe kabuhlungu sisi wam ulale ngokuthula.”
