
Nhlakanipho Mnqayi
Kudutshulwe kwabulawa abafundi ababili kwathi abanye abathathu balimala kanzima ngesikhathi amadoda angazizwa evulele ngezulu lezandla ebhekise kubo.
Laba bafundi kuthiwa bebesendleleni eya esikoleni ngesikhathi behlelwa yilo mshopi.
UMphathiswa wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Sipho Hlomuka udlulise amazwi enduduzo emndenini eshonelwe nakubafundi abalimele.
“Lesi yisenzo sodlame esingenangqondo nesibonisa ubugwala. Izingane zethu kufanele zikwazi ukuhamba ziye esikoleni zingesabi ngokuphepha kwazo. Izikole kumele zihlale ziyindawo yokuphepha, yokufunda, kanye nethemba.”
“Sicela nanoma ubani onolwazi olungasiza ekuboshweni ngokushesha kwabasolwa ukuthi athinte amaphoyisa.” Kusho uHlomuka.
Khonamanjalo, uphinde waveza ukuthi umnyango usuqale uhlelo lokuhlinzeka ngokqengqondo kubafundi abathintekayo, othisha, kanye nemindeni. Uveze nokuthi udaba lubikiwe emaphoyiseni.
Uphinde waphonsela inselelo kumalunga omphakathi, abaholi bendabuko kanye nabobonke abathintekayo ukuba basebenzisane nezinhlaka zomthetho ukuze kuvikelwe izingane.
