
IPhini loMkhuzi wamaPhoyisa kuzwelonke elimisiwe emsebenzini uLieutenant General Shadrack Sibiya livele enkantolo yemantshi yaseRandburg namuhla ngamacala okudlwengula namanye athinta intombazane eneminyaka engu-16.
USibiya (59) oboshwe izolo, ubhekene namacala ayisihlanu ahlanganisa elokudlwengula, ukushushumbisa abantu nokukhohlisa intombazane esencane ngenhloso yokuyihlukumeza ngokocansi, ngokusho kweNPA.
Ithe amacala athinta izigameko okuthiwa zenzeka ngoMeyi 16 no-Agasti 3 nonyaka ezithinta owesifazane osekhulile nentombazane ena-16.
Kuthiwa uSibiya wayekhohlisa intombazane ekhuluma nayo ocingweni futhi usolwa nangokunukubeza owesifazane osekhulile.
“Umsolwa uphinde abekane necala lokushushumbisa abantu elivela ezinsolweni ezithinta abantu abathathu,” kusho uKaizer Kganyago weNPA.
Uthe umbuso ucele ukuba icala lihlehliswe izinsuku eziyisikhombisa ukuze uSibiya afake isicelo sebheyili.
Icala lihlehliselwe uLwesibili oluzayo ukuze kwenziwe izethulo zesicelo sebheyili. UKganyago uthe umbuso uzosiphikisa isicelo.
USibiya uzogcinwa ezitokisini zasejele iKgosi Mompuru ePitoli.
