
Nhlakanipho Mnqayi
Inhlangano eyangamele amatekisi iSANTACO ithi iyakuqonda ukukhuphuka kuka-petrol okhuphuke namhlanje zingu-1 April nonyaka.
Lenhlangano ithe amatekisi amaningi afaka udizili ngakho-ke ukukhuphuka kwawo ngaphezu kuka-R7 ilitha, kuchaza ukuthi imboni izoshayeka ngalokhu kunyuka kuka-petrol.
UPetrol-93 (ULP& LRP) ukhuphuke ngo-R3.06 ilitha, upetrol-95 (ULP & LRP) nawo ukhuphuke ngo-R3.06 ilitha, udizili (0.05% sulphur) ukhuphuke ngo-R7.37 ilitha, kwathi udizili (0.005% sulphur) wona wakhuphuka ngo-R7.51 ilitha.
“ISANTACO iyakwamukelwa ukukhululwa kwentela ka-petrol ngo-R3 njengokungenelela kwesikhashana okudingekayo. Nakuba lesi sinyathelo sinikeza impumuzo, ukwenyuka okuphelele kwamanani ka-petrol kusaqhubeka nokubeka ingcindezi enkulu embonini yamatekisi kanye nokusebenza kwayo kwansuku zonke.”
“Izimboni zamatekisi ezweni, zisabhunga ngomthelela walokhu kukhuphuka ezindlekweni zokusebenza kwansuku zonke kanye nenzuzo. Emva kwalokhu kuhlola, izimboni zizobe sezazisa abagibeli mayelana namathuba okukhuphuka kwemali,” kusho isitatimende.
Siqhube sathi, iSANTACO ifuna ukuqinisekisa umphakathi ukuthi ukukhuphuka kwemali yamatekisi kuzokwenziwa ngokukhulu ukuqaphela.
“Kuzwelonke, ubuholi beSANTACO buyaxoxisana nohulumeni ukubheka izindlela okungasekwa ngazo ukunqanda kokubili imboni nabagibeli ezinkingeni zezezimali eziqhubekayo. Lezi zingxoxo zibalulekile ekuqinisekiseni ukuthi umthwalo wezindleko ezikhuphukayo awuphazamisi ngokulinganayo labo abathembela kwizithuthi zomphakathi nsuku zonke,” sisho kanje.
