
Nhlakanipho Mnqayi
IMilford FC yase-Richards Bay edlala esigabeni seMotsepe Foundation Championship ifiselwe inhlanhla emcimbini wokuyivalelisa njengoba izodlala umdlalo owandulela owamanqamu eNedbank Cup.
Leli qembu elihleli esicongweni seMotsepe Foundation Chanpionship, lizogadulisana neTS Galaxy edlala kuBetway Premiership emdlalweni owandulela owamanqamu eNedbank Cup ozodlalelwa eSolomon Mahlangu Stadium, eMpumalanga ngeSonto, zingu-5 April nonyaka.
Emcimbini wokuyivalelisa bekukhona kuwo iMeya yoMasipala iKing Cetshwayo, uMnuz Skhumbuzo Dlamini, iMeya yaseMhlathuze uMnuz Xolani Ngwezi, iMeya yakuMasipala waseMfolozi uMnuz Xolani Bhengu, ubuholi bukaMasipala obekukhona kuwo uSomlomo uMnuz Mkhangezeni Mthiyane kanye noSotshwebhu waseKing Cetshwayo, uMnuz Amos Mtshali.
Izikhulumi zihalalisele leli qembu laphinde lafiselwa inhlanhla.
“Sihalalisela iMilford ngokwenza kahle futhi siyifisela okuhle kodwa njengoba ingamele uMhlathuze neKing Cetshwayo kuphela, kodwa imele nesifundazwe saKwaZulu-Natal,” basho kanje.
Ezinye zezikhulu ebezihambele lomcimbi bekukhona kuzo noMnyango wezeMidlalo, amaCiko namaSiko KwaZulu-Natal obumelwe inhloko yomnyango uNkk Mashaba.
