
Nhlakanipho Mnqayi
Kushone umfana (14) emva kokuthi kugingqike imoto emgwaqeni uM25 KwaMashu namhlanje.
Ngokusho kwesitatimende seReaction Unit South Africa (RUSA), sithe bathole izingcingo eziningi eziqhamuka kumalunga omphakathi zibika ngengozi yemoto.
“Ngesikhathi sifika ngezithuba zabo-4 ntambama, onogada bathole iCorolla Quest eblue igingikile amahlandla amaningi. Kubikwa ukuthi umfana oneminyaka engu-14 ubeshayela imoto ngesikhathi ehluleka ukuyilawula ejikeni, yashayisana nodonga yase igingqika amahlandla amaningi. Imoto ibe isima, onke amasondo ayo ekomunye umzila wezimoto eziphambana nazo,” kusho isitatimende.
Sithe uyise womfana ubehleli eceleni ngesikhathi kwenzeka isigameko.
“Uyise kusolakala ukuthi ubedle amanzi amponjwana, okwenze ukuthi ingane ishayele imoto. Abezimo eziphuthumayo bahlonze isisulu esichithwe yimoto, kwatholakala ukuthi silimele kakhulu sahlonzwa njengesishonele endaweni yesigameko,” sisho kanje.
Uyise usesitokisini samaphoyisa ukuze kuqhubeke uphenyo.
