
Nhlakanipho Mnqayi
Emva kokuthi ukhomishana wamaphoyisa kuzwelonke uFanie Masemole ememezele ukuthi izovuselelwa inkontileka ka-Lt General Nhlanhla Mkhwanazi ukuthi aqhubeke nomsebenzi wakhe wokuba ngukhomishana esifundazweni saKwaZulu-Natal.
Emhlanganweni abebenawo izolo, uMkhwanazi ubonge ukwethenjwa ngokunikwa ihlandla lesibili.
“Bekungesona isinqumo esilula kimina ngoba ngangivumelene nomndeni wami ukuthi mgizophatha ihlandla elilodwa. Ngangihlele ukuthingizoya eholidini zingu-1 April nonyaka, kodwa nhesikhathi ukhomishana wamaphoyisa kuzwelonke egcizelela ukubaluleka kokuhola abantu baseNingizimu Afrika, ikakhulukazi izakhamuzi zaKwaZulu-Natal, ngibe sengishintsha umqondo,” kusho uMkhwanazi.
Ugcizelele ukuthi kozakwabo, ulindele ukuthi bazinikele futhi bameseke.
“Inhloso kuseyiyo, ukwehlisa ubugebengu, siphinde siqinisekise ukuthi abantu bagculisekile ngomsebenzi esibenzela wona,” usho kanje.
Kulesi sithangami bekukhona kuso noNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Thami Ntuli obekunguye obegcizelela ukuthi akusheshiwe kuvuselelwe inkontileka kaMkhwanazi.
