
Nhlakanipho Mnqayi
Uqome ukuzinikela kwabakwasidlodlo umshayeli wetekisi egingqike kwalimala izingane zesikole eMount Moria, KwaMashu izolo.
Lengozi idlule nomphefumulo womntwana oyedwa kwathi abanye abangu-14 balimala kanzima.
Ngaphambilini kubikwe ukuthi lo mshayeli ushaye wachitha endaweni yesigameko, wabe eseshayela umnikazi wetekisi emtshela ukuthi ingozi yenziwe ukuhluleka kokusebenza kwama-brakes.
UMphathiswa wezokuThutha nokuHlaliswa kwaBantu KwaZulu-Natal, uMnuz Sboniso Duma umemezele ukuthi kuzoqiniswa uhlelo lwezomthetho ezimotweni ezithutha izingane zesikole okuzofaka phakathi ithimba lakwa-Road Traffic Inspectorate (RTI) noDurban Metro Police.
