
Nhlakanipho Mnqayi
Usagcwele amathafa umshayeli wetekisi ethutha izingane zesikole njengoba igingqikile eMount Moria, KwaMashu izolo.
Kulimale kanzima izingane ezingu-14 kwashona eyodwa.
UMphathiswa wezokuThutha nokuHlaliswa kwaBantu KwaZulu-Natal, uMnuz Sboniso Duma udlulise amazwi endunduzo emndenini womntwana oshonile.
“Lokhu izingane ezihlangabezane nakho, yinto ezothatha iminyaka eminingi ukuthi iphole. Ithimba lihlanganile namaphoyisa aseqalise uphenyo.”
“Ithimba liphinde lahlangana nomnikazi wetekisi oqinisekise ukuthi ushayelwe ucingo umshayeli wetekisi emtshela ukuthu ingozi yenziwe ukuhluleka ukusebenza kwama-brakes,” kusho uDuma.
Kuphindwe kwayalelwa umshayeli ukuthi azilethe emaphoyiseni. Okunye okuhlalukile ukuthi ithimba leRoad Traffic Inspectorate (RTI) lisebenzisana namaphoyisa ukuphenya ukuthi itekisi belikulungele yini ukuba semgwaqeni.
Khonamanjalo, UMphathiswa wezokuThuthukiswa koMphakathi, KwaZulu-Natal, uNkk Mbali Shinga, ujube osonhlalakahle ukuhlinzeka ngezinsizakalo zokweseka ngokwengqondo nenhlalakahle kanye nokwelulekwa ngokuhlukumezeka ezinganeni nasemindenini.
