
Nhlakanipho Mnqayi
Kuqhume imikliklizo ngesikhathi uMasipala waseNkandla oholwa uNkk Nonhlanhla Nzuza uklomelisa abafundi baka-matric, othisha nezikole ezenze kahle nyakenye kuma-Matric Excellence Awards and Bursaries Handover, e-Indoor Sports Centre, eNkandla.
Kulo mcimbi obekungowesihlanu usingathwa, imeya iveze ukuthi kubafundi abangu- 3 178 abaphasile, bangu- 1 834 abathole oBachelor, kwathi izikole ezintathu zathola o-100%.
Imeya uNzuza ithe inhloso yabo ngokwenza lokhu ukugqugquzela abafundi ukuthi babeke imfundo phambili.
“Abantwana siyabanikeza imali yokuthi bahambe beyobhalisa ezikhungweni zemfundo ephakeme. Siyabalekelela siphinde sibakhuthaze ukuthi bafunde njengoba kunanezinhlelo zeBack-to-School esizenzayo,” kusho uNkk Nzuza.
Uthe njengoba bengumasipala omncane, kodwa bazishaya isifuba ngokuthi bayakwazi ukubhekelela abantu abasha bakulendawo kanye nangakohlukana kwamazinga abo.
“Umthelela siyawubona futhi siyaziqhenya ngawo futhi kufanele sibancome nothisha kanye nabahloli ngomsebenzi abawenzile ngoba mukhulu umehluko kuma-Sekethi.”
“Kwakukudala lapho sagcina ukubona iNkandla idonsela kude. Manje isikhipha izikole ezingo-100%, okuyingakho siqhubeka nokubona umthelela futhi siqhubeka nokuncoma othisha njengoba besebenza ngaphansi kwezingqinamba eziningi,” kuchaza uNkk Nzuza.
Nanti uhlu lwabafundi abangu-10 abenze kahle ezikoleni ezahlukene eNkandla:
Abafundi abalale endaweni yokuqala, eyesibili neyesithathu baklonyeliswe ngendondo, isitifiketi, ilaptop kanye ne-tablet.
- Ndlovu Mlondi (Ngono Secondary School)
- Ngonyama Akhona (Bizimali Secondary School)
- Sibisi Thando Londokuhle Wandile (Bizimali Secondary School)
- Xhakaza Okuhle Siyethaba (Bizimali Secondary School)
- Cebisa Andile Snenhlanhla (Bizimali Secondary School)
- Gasa Emihle Nontokozo (Bizimali Secondary School)
- Mthimkhulu Ayibongwe Elihle (Bizimali Secondary School)
- Khumalo Amahle Konke Mvelo (Bizimali Secondary School)
- Dladla Bhekithemba (Golozela Secondary School)
- Mhlongo Malwande Seluleko Snikelo (Bizimali Secondary School)
