
Nhlakanipho Mnqayi
Zibakhelele abasolwa ababili abalinganiselwa eminyakeni enfu-34 no-37 ngokuhwebelana ngezidakamizwa eNewcastle.
Ngokusho kwesitatimende samaphoyisa sithe ancinzwe indlebe ngomsolwa obeyolanda izidakamizwa eGoli elibangise eNewcastle.
“Umsolwa ubebekwe iso ngaphambi kokuthi amaphoyisa ambophe enxanxstheleni yezitolo eNewcastle. Umsolwa utholwe nezidakamizwa, kwaphinde kwabhekwa nalapho ahlala khona kwatholakala izidakamizwa zohlobo lwe-crystal meth,” kusho isitatimende.
Okunye okuhlalukile ukuthi umsolwa lo oneminyaka engu-36 ungaphandle ngebheyili ethinta icala lazo izidakamizzwa. Ube eseboshwa wathweswa icala lokuhwebelana ngezidakamizwa.
Khonamanjalo, amaphoyisa aphinde ancinzwa indlebe ngomunue umsolwa obezosuka endlini yakhe ephethe izidakamizwa. Amaphoyisa abe esembhadama ngaphambi kokuthi ahambe, nasemotweni yakhe kwatholakala izidakamizwa zohlobo lwe-crystal meth kanye nesamba semali engadalulwanga.
Bobabili abasolwa bazovela namhlanje enkantolo yeMantshi eNewcastle.
