
IMamelodi Sundowns igxeka ukuziphatha kwabalandeli bayo abahhameze abaqeqeshi babhunyela isikhulu ngamanzi ngesikhathi bephuma enkundleni ngemuva komdlalo weChampions League ne-Al Hilal eLoftus Versfeld ngoLwesihlanu olwedlule.
Umdlalo uphele ngo 2-2.
Kuthiwa abalandeli bathele uFlemming Berg oyiSporting Director ngamanzi esephuma.
ISundowns ikhiphe isitatimende ithi ngeke ikubekezelele ukusatshiswa nokungaziphathi kahlle kwabalandeli emidlalweni yayo.
“Bazothathelwa izinyathelo zomthetho noma zokuqondiswa ubugwegwe labo abatholakala ukuthi ukwenza kwabo kuphambene nemigomo noma imithetho yabalandeli beSundowns,” kusho isitatimende.
Iqembu lithi linake ekubuyiseni isicoco seligi nokwenza kahle kweminye imincintiswano.
Namhlanje ngo-7.30 ebusuku iSundowns izodlala neSekhukhune United ePeter Mokaba Stadium.
