
Kusale enkundleni abasolwa abawu-4 kwaboshwa abawu-7 bedubulana namaphoyisa abezobabophela ukubamba inkunzi eWoodlands eThekwini namhlanje ntambama.
Amaphoyisa athi abasolwa bebehlupha ngokubamba inkunzi eThekwini futhi babamba isitolo sobucwebe oThongathi izolo ngoLwesine.Â
Ngesikhathi efika lapho abetshelwe ukuthi abasolwa bacashe khona emzini oqashisayo kube nokudubulana.Â
Abasolwa abalimele bayiswe esibhedlela begadwe amaphoyisa. Abawu-5 bakwazile ukubaleka futhi basabhekwa.
Amaphoyisa athole izibhamu ezintathu endaweni yesigameko.
