
Nhlakanipho Mnqayi
UNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Thami Ntuli useseke ngokusemthethweni ukuthi kuvuselelwe inkontileka yoMkhuzi wamaphoyisa KwaZulu-Natal uLt-General Nhlanhla Mkhwanazi ukuze ahole ihlandla lesibili.
UNdunankulu usho kanje njengoba kulimdeleke ukuthi inkontileka ka-Mkhwanazi iphele zingu-30 March nonyaka.
Esithangamini undunankulu abenaso noKhomishana wamaphoyisa kuzwelonke uGeneral Fanie Masemola, uveze ukuthi ezinye zezinto abazidingidile kubalwa kuzo ikusasa lika Mkhwanazi nalapho undunankulu eveze ukuthi uyabuthemba ubuholi, ubuqotho kanye nokusebenza ngokuzimisela akuvezile njengoba engumkhuzi wamaphoyisa esifundazweni.
“Indima ka-khomishana ibaluleke kakhulu ekulwisaneni nezibalo eziphezulu zobugebengu, okubalwa kuzo ukubulalwa kosopolitiki kanye nokuqolwa. Ngisamile ekutheni asikho isizathu esingangenza ngikhethe elinye iphoyisa elisezingeni lika-Lt General Nhlanhla Mkhwanazi ukuthi aqhubeke nomsebenzi awenzayo,” kusho uNtuli.
UNtuli uphinde wabalula ukubaluleka kokuqhubeka nobuholi, ikakhulukazi ngesikhathi lapho imizamo eminingi idingeka ukuze kugcinwe izinzuzo ezenziwe ekulwisaneni nobugebengu.
“Ukuziphatha kuka Lt-Mkhwanazi, ukusebenza kwakhe nokuzinikela ekusebenzeni ngobuqotho, ukuzinikela kwamaphoyisa okuhambisana nemigomo kanye nokulindelekile kuhulumeni wesifundazwe nabantu baKwaZulu-Natal. Njengo hulumeni wesifundazwe, ngiyakuqinisekisa ukweseka kokuvuselelwa kwenkontileka ka-Lt Nhlanhla Mkhwanazi” usho kanje.
