
Amaphoyisa abulale abasolwa ababili abadubule babhekisa kuwo ngesikhathi ezama ukuyobabopha ngamacala okubulala eMaoti eNanda namhlanje ngoLwesithathu ntambama.
Abasolwa bebefunelwa amacala okudubula abantu abawu-4 izolo Ezimangweni kwashona ababili kwalimala oyedwa.
Amaphoyisa abophe abasolwa abawu-5 ngecala laseZimangweni abatholwa nesbhamu nesethoyizi.
Uphenyo luwaholele eMaoti lapho bekucashe khona abanye abasolwa ababili.
“Ngesikhathi amaphoyisa efika, abasolwa badubule babhakisa ngakuwo namaphoyisa aziphindiselela. Ngesikhathi kudutshulwana abasolwa ababili badubuleke bafa. Laba basolwa abebehlupha eMaoti, Phoenix naseMzomisha batholwa bezibhamu ezimbili,” kusho amaphoyisa esitatimendeni.
Izibhamu zizohanjiswa ukuyohlolwa ukuthi bezisetshenziswa kwamanye amacala eKZN.
