
Amaphoyisa abophe owesilisa osolwa ngokushaya intombi yakhe evuke namhlanje yafaka izithombe ezzinkundleni zokuxhumana ikhala ngokuthi amaphoyisa awayisizi ngalutho.
Lona wesifazane naye uvulelwe icala lokushaya nelokucekela phansi impahla ngoba usolwa ngokushisa imoto yesoka.
Uthe uyawavula amacala kodwa amaphoyisa engenzi lutho.
Okhulumela amaphoyisa aseKZN uColonel Robert Netshiunda esitatimendeni utthe bakubonile ukuchwaza ezinkundleni zokuxhumana esolwa ngokungenzi lutho ngecala elivulwe yilona wesifazane.
Yize bengambizanga ngegama kodwa bathe icala livulwe esiteshini samaphoyisa saseMlazi ngoLwesihlanu.
Namhlanje babophe umsolwa oneminyaka engu-24 ngecala lokushaya intombi yakhe ena-31 walimaza nemoto yakhe kwaV ngoLwesihlanu. Uzovela enkantolo maduze.
UNetshiunda uthe kubikwe ukuthi umsolwa ubize isisulu kwakhe ukuthi sizolanda izimpahla zaso.
“Uthe efika umsolwa kuthiwa ushaye isisulu ngepayipi wasiluma namazinyo ebe esishaya nangezandla. Umgilwa ubalekele emotweni yakhe umsolwa wamlandela waphihliza i-windscreen ngemuva emotweni,” kubeka uNetshiunda.
Uthe uphenyo lwamaphoyisa luthi lona wesifazane usesibhedlela ushe eshisa imoto yesoka yaba umlotha.
Kune-video ezinkundleni zokuxhumana kuthelwa imoto ngophethroli kunowesifazane okhuluma bese igqamuka amalangabi naye ahayize kungathi uyasha.
Amaphoyisa athe uma ephuma esibhedlela uzobhekana necala lokushaya nokucekela phansi impahla.
Athe laba bobabili banomlando wokuvulelana amacala futhi athethwa enkantolo yize kungewona awokushayana.
Amaphoyisa agqugquzele ukuthi izithandani zizame ukulungisa ngokuthula izinkinga zawo.
