
Umphathiswa wezokuThutha nokuHlaliswa kwabantu eKZN uSiboniso Duma ucea ababhidlikelwa yizindlu ngesikhathi sezikhukhula ukuba bavume ukususwa ehhotela abaxoshwe kulo beyocupha ehholo lomphakathi eChesterville.Â
UDuma ucele abaxoshwe eBayside Hotel ukuthi bavumele uMasipala weTheku nomnyango wakhe ukuthi ubathuthe baye eChesterville.
“Kuyishwa ukuthi kunabanye abayizisulu abagqugquzela abanye ukuthi bagoloze ukuya eChesterville sisalungisa indaba yokukhokha,” kubeka uDuma.Â
Uthe sebekhokhe uR185 million emahhotela ukuhlalisa abalinyalelwa ngezikhukhula sebedinga omunye uR128 million wokugcina imindeni engu-1200.
Uthe kube nokubambezeleka ekutholeni imali ukuze bagweme ukutholwa nogcobho i-Auditor General.
Izolo uphuthume eGoli ukuyohlela ukuthi basilungisa kanjani isimo noNgqongqoshe wokuHlaliswa kwabantu uThembi Simelane.
Uthe amabhasi okuthutha abantu abekhona izolo kodwa abanye banqaba kodwa bazoqhubeka manje ekuseni nokubacela.
Uthe ngeke bakhele kabusha abantu izindlu endaweni lapho kwamuka khona izindlu. Kwabase beyikhombile eShallcross nezinhe abakhi baxoshwa.
