
Nhlakanipho Mnqayi
INkantolo yesiFunda eVerulam igwebe abalisa ababili ngamacala okukhwabanisa ngokubanjwa kwenkunzi imoto yemali.
UPhakamani Myaka (37) noMuzikayifani Khoza (40) bagwetshwe iminyaka engu-15 bebhadla ejele.
Ngokusho kwesitatimende samaphoyisa, zingu-11 October 2021, onogada abahlanu babeyisa imali yempesheni endaweni yaseMpolweni Reserve eNdwedwe ngesikhathi besalibangise lapho, bavinjwa abasolwa ababili, babaphuca izibhamu bakhala bemuka nesamba semali engaziwa.
“Abasolwa babe sebethungela ngomlilo imoto yemali bashaya bachitha. Icala lokubanjwa kwenkunzi imoto yemali labikwa emaphoyiseni aseNdwedwe, idokodo ladluliselwa ophikweni loKlebe eThekwini oluphenya ngobugebengu obuhleliwe.
“Uphenyo luveze ukuthi ukubanjwa kwenkunzi kwakuhleliwe futhi bonke onogada babesebenzisana. Isamba semali engu-R60 000 yatholwa kubo abasolwa babe sebeyaboshwa. Bavelile enkantolo, badedelwa ngebheyili. Abasolwa ababili bashona ezigamekweni ezahlukene ngesikhathi bengaphandle ngebheyili, yingakho uMyaka noKhoza begwetshiwe” sisho kanje.
Sithe uMyaka uphinde wagixabezwa ngeminyaka emithathu ngaphezulu ngokuphula umthetho. Isigwebo sakhe uzosidonsa kanye kanye neminyaka engu-15 futhi bobabili beno-Khoza bahlonzwe njengabangakufanele ukuphatha izibhamu.
