
Phili Mjoli
UMphathiswa woMnyango wezeMpilo KwaZulu Natal uNksz Nomagugu Simelane ukhuthaza abazali ukuthi baqaphele ukuthi izingane zabo zikhuluma nobani futhi zikhuluma ngani ezinkundleni zezokuxhumana.
UNksz Simelane obevula umtholampilo ehlelweni lwalo lo mnyango lokwazisa umphakathi iKZN Health Chat, uthe abazali abaningi bayothatha kancane indaba yokuthi izingane zabo zihlala ziciphiza amafoni, zisezinkundleni zezokuxhumana ezehlukene kanti kuningi okwenzekayo okubalwa nobubhoklolo obungaholela ekutheni umuntu omusha abe nengcindezi.
Uthe kunabantu abasha abahlala ezinkundleni zezokuxhumana amahora angu-24 .
“Izingane zethu ziyahlukumezeka ezinkundleni zezokuxhumana, abazali bengazi, bezitshela ukuthi amafoni asetshenziselwa ukuthatha izithombe kanti ezinye izinto ezenzekayo zingayiphatha kabi ingane ize igcine ifuna nokuzibulala,” kusho yena.
Uqhube wathi uma sekwenzekile abantu basala bezibuza ukuthi bekwenzekeni bengaqondi ukuthi yini engaze yenze ukuthi umuntu abe nengcindezi engaholela ekutheni azibulale ezinkundleni zezokuxhumana.
Ucwaningo olwenziwe ngezobuchwepheshe ngabenza izikhangiso iHello Yes, nababhekelele ukusetshenziswa kwezinkundla zezokuxhumana emhlabeni, iMeltwater luveza isithombe esikhathazayo mayelana nezindlela zokusebenziswa kwezinkundla zokuxhumana eNingizimu Afrika, kakhulukazi uma kubhekwa intsha. INingizimu Afrika inabangani abangu-26.7 million abasezinkundleni zezokuxhumana abazisebenzisayo. Leli nani likhuphuke ngo-700,000 esikhathini esingangonyaka. Iphinde iveze ukuthi abanye abantu baseNingizimu Afrika bachitha isikhathi esiphakathi kwamahora amathathu nemizuzu engu-36 nsuku zonke besezinkundleni zokuxhumana, okuyizinga eliphezulu kakhulu uma kubhekwa isilinganiso somhlaba jikelele. Okukhathazayo kakhulu ukuthi izingane zaseNingizimu Afrika zikwazi ukufinyelela kalula kwi-internet.
Lezi zibalo zikhombisa ukuthi u-95% wabafundi abafunda ugrade-4 kuya kugrade 11 abaneminyaka engu-10-17 banamafoni nezinye izinsiza zokungena kwi- internet. U-62% unamaselula noma itablet. U83% wezingane ezineminyaka e-12 okungenani une-akhawunti eyodwa ezinkundleni zezokuxhumana.
