
Nhlakanipho Mnqayi
Uphiko laKwaZulu-Natal lwesifundazwe oluphenya ngokubulala nokugqekeza libophe owesilisa owabulala abangu-6 eMlazi nyakenye.
UMelusi Dlamini (28) odabuka eSwatini, wadubula wabulala abantu abangu-6 emijondolo yasesigcemeni sakwa-V eMlazi zingu-17 August 2024.
Ngokusho kwesitatimende samaphoyisa sithe ngalobo busuku, amadoda ayisithupha ayehlezi emjondolo ezidlela amanzi amponjwana ngesikhathi kuqhamuka abesilisa ababili abangaziwa bevulela ngenhlamvu.
“Lamadoda amabili afika athi afuna ukuthenga ugwayi, kodwa atshelwa ukuthi ahambe ngoba akekho odayisa ugwayi. Lamadoda ahamba, kodwa abuya atshela abesifazane abathathu ukuthi abalale phansi base bedubula izisulu zesilisa. Abalisa abangu-6 badutshulwa bahlonzwa njengabashonele endaweni yesigameko,” kusho isitatimende.
Sithe uphenyo lube seluveza ukuthi ukubulawa kwalaba besilisa kusolakala ukuthi bebeziphindiselela.
“Kubikwa ukuthi izisulu ezashona, ezazikhuluma ulimi lwesiXhosa, kusolakala ukuthi zalwa nabomdabu baseSwatini abahlala khona endaweni. UDlamini ube eseboshwa eKrugerdorp eGauteng zingu-4 July nonyaka wathweswa amacala angu-6 okubulala, ukuphatha isibhamu ngokungemthetho nezinhlamvu,” sisho kanje.
Uvele enkantolo yeMantshi eMlazi nalapho ashalazele ibheyili icala lahlehliselwa zingu-14 August nonyaka.
