
Nhlakanipho Mnqayi
UMnuz Lindani “King Dane” Xhakaza useveze ukuthi usezogxila kwezepolitiki, ayeke ukushayela amatekisi njengoba ekhethwe esikhundleni sobukhansela ngaphansi koMasipala iLembe, eMandeni.
uMnuz Xhakaza odume ngelika King Dane ungene kulesi sikhundla emva kokhetho lokuchibiyela obelubanjwe zingu-30 April nonyaka. Lolu khetho lubanjwa-nje yingoba uward-18 kulendawo ubungenalo ikhansela kulandela ukudutshulwa kwalowo obeyikhansela le-African National Congress (ANC), uMnuz Phendukani Mabhida ngo-February nonyaka.
Ukunqoba kuka Xhakaza kuthuse abaningi kwazise lomasipala ubuphethwe yi-ANC. Amavoti avune uXhakaza njengoba ethole angu-813 enza u-41.9%, i-IFP yalala isibili ngawu-575 (29.2%), i-ANC yathola angu-533 (27.46%) kwathi i-EFF yathola angu-20 (1,03%).
Ubeke eqhulwini eyokulungisa umgwaqo osekuphele iminyaka ungalungiswa nezindlu zemixhaso abantu abathenjiswa zona ngo-2022 kodwa bagcina bengazitholanga njengoba kukhona nabokufika asebenezindlu okungaziwa bazithola kanjani.
Elandisa Ezangempela For Real uthe useyekile ukushayela amatekisi usezogxila kwezepolitiki.
“Kuyafuneka ukuthi ngaso sonke isikhathi ngivele kubantu ngoba angeke ngisazi isikhathi abazongidinga ngaso. Kuzoba khona la ekuzovela khona umshopi uthole ukuthi ngaleso sikhathi abanayo indlela abangenza ngayo, yileso sikhathi-ke sokuthi uma beshaya ucingo mina ngibe seduze ngisabele ngoba angeke ngikwazi ukwenza izinto ezimbili ngesikhathi esisodwa,” kusho uXhakaza.
Uthe ukhulele khona eMandeni, kwaSithebe, wenza amabanga aphansi naphezulu kuyo lendawo.
“Ngithe ngiqeda isikole ngangena ematekisini ngaba uscabha, ngaqongelela imali ngenza izincwadi zokushayela ngagcine sengishayela amatekisi. Ekushayeleni kwami amatekisi ngangibona ukuthi abantu bakithi baswele kodwa indlela yokubasiza bengingenayo njengoba imali ebengiyihola bekungu-R450 ngesonto. Kwaba nento ethi njalo uma ngihola angithathe u-R100 ngiwubeke, ngithathe u-R200 ngiwunike umama ukuze azokwazi ukuthenga isishebo silale sidlile,” usho kanje.
Uthe uqhubekile nokubeka imali njengoba yaze yahlangana yaba ngu-R20 000.
“Ngesikhathi isingu-R20 000 ngibe sengibiza osisi nobhuti ebesingamavolontiya nabo eqenjini leMK ukuthi abahlonze imizi engu-10 ehlwempu engenakho ukudla. Nebala bayihlonza bayithola ngase ngisebenzisa u-R11 000 ngithenga into abazoyidla. Ngabiza nobuholi besifunda ngacela bungiphelezele ukuze sihambisele abantu ukudla. Ngesikhathi sihamba umnyango nomnyango kwakhona omunye umama naye owakhala ngokuthi akanalo ithoyilethi usebenzisa elakwamakhelwane, ngakusasa ngavuka ngayothenga izinsiza zokwakha samakhela.”
“Konke lokhu ebengikwenza hhayi ngoba bengibheke okuthile, kodwa bengikwenziswa uthando olusuka ngaphakathi kimi. Ngicabanga ukuthi lokho yikho okwenze abantu ukuthi uma bexoxa bethi lomfana siyamazi esawu scabha, ubazi ukuthi uma umuntu efika kuye ethi akanalutho ekhiphe u-R50 amnike, okuyikho engingathi kungisuse kwangifikisa la engikhona namhlanje,” usho kanje.
Uqhube wathi ubengagxilile kwipolitiki, ubezinakele amatekisi kakhulu.
“Kuthe uZuma uma emezela indaba yoMkhonto ngoDecember, kwazise bengithanda yena nokwazi imisebenzi yakhe ayenzile, ngagcine sengithatheka ngangena kuyo inhlangano. Ngathenga isikibha seMK esasisodwa qwaba futhi enganginesiqiniseko sokuthi abantu babezibuza ukuthi ngenzani kodwa ngangakunaka konke lokho. Sigcine silokhu sikhula kancane kancane ewadini nami ngiya kubantu ngibatshela ukuthi asiye kuMsholozi sesikhathele ukudlala labantu be-ANC.”
“Kwathi noma sekuphakanyiswa amagama, kubizwe umhlangano womphakathi, nelami laphakanyiswa kodwa ngacela ukuhoxa ngenxa yezizathu zami. Ogogo nomama bangeseka bathi bafuna mina ngoba bethi usizi lwabo ngiyalwazi futhi bayathemba ukuthi uma sengisesikhundeni kukhona okungcono engingabenzela khona, ngangena kanjalo,” ubeke kanje.
