
Nhlakanipho Mnqayi
Abahlali baseMlazi esigcemeni sakwa-H, sebeyalelwe ukuthi bathuthe ngokukhulu ukuphuthuma kule ndawo kulandela ukudilikela yimizi edalwe yizimvula zakamuva.
Zibalelwa ku-56 izindlu ezidilikile okwamanje njengoba kusaqhubekwa nokuhlola.
UNgqongqoshe wezokuHlaliswa KwaBantu uNksz Thembi Simelane noMphathiswa wezokuThutha nokuHlaliswa kwaBantu KwaZulu-Natal, uMnuz Sboniso Duma bahambele eMlazi ukuyohlola isimo.
UNgqongqoshe uSimelane uthe akubonile ngamehlo akhe, okuyiso sona sisombululo esilungile ukuthi lezi zindlu ziyiswe kwenye indawo.
“Njengoba ukuhlolwa kuqhubeka, umsebenzi obalulekile ukususa lemindeni engu-56 iyiswe endaweni yesikhashana abazohlala kuyo. Imindeni ekhahlamezeke kakhulu kumele ihanjiswe engakapheli amahora angu-48,” kusho uNksz Simelane.
Uphinde wacela emiphakathini esezindaweni ezingase ziqokwe ukuthi bamukele imindeni ekhahlamezekile kodwa bengasebenzisi ukweswela kwabanye ukufeza izinhloso zabo.
“Inqubomgomo yethu ukufukamela isizwe. Izinqumo esizithathayo zisuke ziqhamuka emniningwaneni esuke ikhona kithina ngaleso sikhathi. Umthetho nomgomo ulindele thina ukuthi sibeke eqhulwini labo abaswele,” usho kanje.
UMphathiswa uDuma yena uthe bawuhulumeni onakekelayo nophendula ngokushesha futhi kuzoqinisekiswa ukuthi ukuzinikela kuyenziwa.
“Kusasa-nje, ukususwa kwalemindeni kuyaqala njengokusho kukangqongqoshe. Sizomemezela indawo lapho imindeni izohlaliswa khona. Ithimba lethu seliqalile ukuhlela izindlela zokubahambisa,” kusho uDuma.
Kuphinde kwahlaluka ukuthi uMasipala weTheku noMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu esifundazweni uzonikezela ngomhlaba ozosetshenziswa ukuhlalisa lemindeni ekhahlamezekile ngezindawo ezithi bona ngokuphelele.
