
Nhlakanipho Mnqayi
Amathikithi omdlalo wamanqamu eNedbank Cup obekulindeleke ukuthi aphele ngamahora nje ngaphambi kokuba sendalini namhlanje, kugcine kuba nobuhixihixi njengoba umhlinzeki wawo u-Computicket ingasasebenzi ishiya izinkumbi zabantu zidiniwe njengoba zikhokhile kodwa zangawathola amathikithi.
Kulomdlalo kuzobe kubhekene izinkunzi zaseSoweto i-Orlando Pirates neKaizer Chiefs eMoses Mabhida, eThekwini ngo-3 ngoMgqibelo. Ezimnyama zibheke ukuyiqukula okwesithathu lendebe kulandelana, kanti Abafana Bokuthula noxolo bayilangazelele ngamehlo abomvu kwazise sekuphele iminyaka engu-10 bagcina ukuqukula indebe.
Ezitolo ezahlukahlukene lapho bekuthengiswa amathikithi olayini bebe bade, ubungafunga ukuthi kuzoholwa imali yeqolo. Abanye bebekhala ngokuthi akungeneki ku-inthanethi la ekuthengwa khona amathikithi e-Open Tickets njengoba nakhona bebekhala ngokuthi baningi abantu abasalindile ukuthenga wona amathikithi.
Ezinkundleni zokuxhumana u-X, abakwa Computicket bathe ubuhixihixi budalwe ubuningi babantu abebefuna ukuthenga amathitkithi.
“Ngenxa yesibalo esiningi ngalomcimbi, sinokubambezeleka, kodwa lokho sesikulungisile,” kusho abakwa Computicket.
Noma kunjalo kodwa abantu baqhubekile nokukhala ngokuthi abakwazi ukuthenga amathikithi.
UZukiswa Tshaka ku-Facebook uthe ulinde amahora engakwazi ukuthenga amathikithi.
“Ngiyile nasezitolo kwathiwa asephelile ngase ngiyothenga amathathu-online kwaComputicket, kodwa kwaba nobuhixihixi. Imali engu-R450 ihambile kwi-akhawunti yami kodwa amathikithi ngangawathola, ngangathola nomqhafazo ongitshelayo ukuthi amathikithi ngiwathengile. Ngibe sengibathumelela i-email, bangiphendula bathi amathikithi bazowathumela emva kwamahora angu-58,” kusho uTshaka.
UPhelelani Mthimkhulu naye uthe akuvumi lutho ube nenkinga uma sekumele wakhokhele amathikithi, bekuvele kungenzeki.
Namanje awukakaphumi umyalezo othi amathikithi asephelile noma cha.
