
Nhlakanipho Mnqayi
I-South African Social Security Agency (SASSA) isisondeze izinsuku zezibonelelo zomphakathi zikaNovember ukuze kugwenywe ukungqubuzana nosuku lokhetho lohulumeni basekhaya oluzobe zingu-4 November nonyaka.
Lomnyango usuveze ukuthi abantu asebekhulile izibonelelo zabo sebezozithola kusukela zingu-30 October nonyaka.
“Abazuzi bezibonelelo zokukhubazeka bazokhokhelwa ngoMsombuluko, zingu-2 November nonyaka, kulandelwe abazuzi bezibonelelo zezingane ngoLwesibili, zingu-3 November.”
Izinguquko zilandela isimemezelo sangoLwesithathu, zingu-4 November nonyaka, njengeholide lomphakathi lokhetho lohulumeni basekhaya.
“Ngaphansi kohlelo lokuqala lokukhokha, abantu asebekhulile bekufanele bathole izibonelelo zabo zingu-3 November nonyaka, abazuzi bezibonelelo zokukhubazeka zingu-4 November nonyaka kanye nabazuzi bezibonelelo zezingane zingu-5 November nonyaka,” kusho isitatimende.
Khonamanjalo, uhlelo lokukhokha olubuyekeziwe lulandela izingxoxo ezibanzi phakathi kuka-SASSA kanye nababambiqhaza abahlukahlukene ukuqinisekisa ukuthi izinkokhelo zezibonelelo zomphakathi ziyaqhubeka nokuphathwa kahle, ngokuphephile nangokungaphazamiseki ngesikhathi sokhetho.
I-SASSA iphinde yaqinisekisa ukuthi ngoLwesine, zingu-5 November nonyaka, uzogcinelwa abazuzi izibonelelo zabo ezisacubungulwa.
Lomnyango uphinde wagcizelela ukuthi abazuzi bathembele emthonjeni yayo yezokuxhumana ezisemthethweni ukuze bathole ulwazi okuyilo futhi bahlale beqaphile mayelana nemininingwane edukisayo ethinta izibonelelo.
