
Nhlakanipho Mnqayi
Njengoba ukhetho lohulumeni basekhaya luzoba zingu-4 November nonyaka, iDemocracy Development Programme (DDP) yethule uhlelo lokuqwashisa ngokuvota emiphakathini eyahlukene.
Lolu hlelo oluqale zingu-19 May nonyaka kuhloswe ngalo ukuqeqesha liphinde lifundise labo abazovota ngokhetho lohulumeni basekhaya ukuthi luyini futhi lubaluleke ngani. Luzophinde libe nezingxoxo zemiphakathi ezintathu bephinde bevakashele nemisakazo.
Okhulumela iDDP, uNksz Thabile Mdluli, elandisa Ezangempela For Real, uthe bazobambisana nezinhlaka eziningi ekuqinisekiseni ukuthi lolu hlelo luhamba kahle.
“Ezinye zezinhlaka ezizoba yingxenye kubalwa iChapter-9 Institute, okuyikhomishana ezimele ezosiza ukubhalisa abantu abasha, iphinde yazise abantu uma kunemithetho esiguquliwe engaba nomthelela okhethweni lohulumeni basekhaya. Kuzophinde kube ne-Election Observation Mission nayo ezoba yingxenye yalolu hlelo lapho izakhamuzi ezingu-120 eThekwini namaphethelo zizozibandakanya kuyo le-Mission.”
“Lokho kuzonika abantu ithuba lokuvikela baphinde baqinise intando yeningi ngoba bazokwazi ukuvakashela lapho okusuke kuvotwa khona, babheke ukuthi i-Independent Electoral Commission (IEC) ilandela imigudu efanele yini ngesikhathi kuvotwa,” kusho uNksz Mdluli.
Uqhube wathi lolu hlelo luzoba sengxenyeni enkulu yeTheku.
“Isizathu sokuthi lolu hlelo sikhethe ukulenzela engxenyeni enkulu yeTheku, yingoba iTheku liyidobha elikhulu, futhi linabantu abaningi. Zikhona nezindawo ezingamakhaya khona eThekwini, ngakho-ke kubalulekile ukuthi sibe nezwi sithuthukise leyomiphakathi ngoba yilapho khona ingqalasizinda ingabonwa.”
“Lokho kusenze sabona siyiDDP ukuthi kungenye yezizathu abantu bengazibandakanyi nokuvota ngenxa yakho ukuthi ingqalasizinda abayitholi okubalwa kuzo amanzi nogesi,” usho kanje.
Ugcizelele ukuthi lolu hlelo inhloso yalo ukuthi liqinise leyo maphakathi ekhungethwe yilezi zinkinga zengqalasizinda ukuze izokwazi ukuthi uma ibhekene nalezi zimo yenze njani ngokusebenzisa ivoti labo.
