
Nhlakanipho Mnqayi
Ukusa kwanamhlanje kube yisithombe imindeni yaseShakashead, KwaDukuza okusekude isisuse emehlweni azo emva kokuthi izingane ezingu-5 zishe zashona ngesikhathi umjondolo ebezihlala kuwo usha amalangabi.
Lezi zingane ezishonile okubalwa kuzo izelamani zakwaSomtswewu okungo Sokhula Somtsewu (1), Solulele Somtsewu (1) abangamawele, Asamkele Somtsewu (19), Amila Menemene (3) noSonwabile Noyila (14).
Ngokusho kwabezinhlekelele bakuMasipala waKwaDukuza, bathe umlilo uqubuke ngezithuba zango-5 ekuseni, babona umjondolo ususha ubuhanguhangu.
Ingane eyodwa kanye nomama uNkk Ntombivuyo Menemene ongumzali ka-Amila Menemene nobaba kaSonwabisile Noyila, uMnuz Sivuyile Noyila baphuthunyiswe esibhedlela emva kokuthola imihuzukwana.
Kuphinde kwanconywa umama ohlenge ingane eneminyaka emibili.
UMphathiswa wezokuThutha nokuHlaliswa kwaBantu KwaZulu-Natal, uMnuz Sboniso Duma udlulise amazwi endunduzo emindenini.
“Ngiyaxoxisana neMeya yoMasipala waKwaDukuza, uMnuz Sduduzo Gumede emva kwalesi sibhicongo. Sijube ithimba elisuka ehhovisini lami naseMnyangweni wezokuHlaliswa KwaBantu ukuthi lisebenzisane noMasipala waKwaDukuza ukusiza imindeni ekhahlamezekile,” kusho uDuma.
Uthe ithimba lizophinde lihlangane nobaba osindile ngesikhathi kusha ukuze athole ukululekwa.
Kuphinde kwahlaluka ukuthi imizimba yezingane ezishonile ithathwe ithimba lamaphoyisa ongoti abacwaninga ubufakazi ukuze ziyophenywa.
