
Nhlakanipho Mnqayi
Imindeni eyahlukene isale dengwane ngaphansi kwesiFunda iHarry Gwala noMgungundlovu kulandela imvula enamandla ehlasele muva nje.
Lemvula eqale ngoLwesihlanu zingu-6 February nonyaka ibihambisana nomoya onamandla kanye nesichotho, idale enkulu inhlekelele kwingqalasizinda.
UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal, uMnuz Thulasizwe Buthelezi ujube ithimba lezinhlekelele njengoba kushone oyedwa kwalimala ababili.
“EMzimkhulu, isakhamuzi saku-ward-15 sishaywe umbani sashona ngesikhathi sisemsebenzini ngoLwesihlanu, kwathi ku-ward12, abantu abathathu balimalile njengoba beshaywe umbani,” kusho uButhelezi.
Uphinde wadlulisa amazwi enduduzo emndenini eshonelwe, wafisela nalabo abalimele ukuthi basheshe balulame.
“Okusemqoka kithi ukuphepha kanye nesithunzi salabo abalahlekelwe yikho konke kulezi zimvula. Senza ngakho konke okusemandleni ukubahlinzeka ngezinto zokwakha kanye nendawo yesikhashana yokuhlala ukuqinisekisa ukuthi ayikho imindeni esala ngaphandle,” usho kanje.
Khonamanjalo, abezimo zezulu sebexwayise ngemvula ka-Level-4 ezobe ihambisana nokuduma kwezulu ezingxenyeni eziningi KwaZulu-Natal namhlanje. Abantu bayalwe ukuba baqaphele baphinde bagweme izindawo ezigcwele amanzi.
