
Nhlakanipho Mnqayi
Usale enkundleni umsolwa obefunwa ngoxhaxha lwamacala okubulala kanye nawokubamba imoto yemali.
Amaphoyisa athi lomsolwa ushone ngesikhathi edubulana namaphoyisa endaweni yaseMaydon Wharf enkabeni yeTheku izolo.
Amanye wamacala abefunelwa wona kubalwa kuwo awokubulala, kanye nokuzama ukubulala awenza endaweni yakwaSawoti ngo-December nonyaka.
Kuphinde kwavela ukuthi uyathinteka ecaleni elenzeka eMbumbulu ngesikhathi abantu abane bebulawa ngesihluku, kanti muva nje, ubefunelwa ecaleni lokubamba imoto yemali zingu-5 December nonyaka eMlazi.
“Amaphoyisa ancinzwe indlebe etshelwa ukuthi umsolwa ohlome eyizingovolo ulibangise eThekwini. Amaphoyisa asebenzisane anamaphoyosa akumasipala iMetro Police, itekisi umsolwa abehamba ngalo libonakalile. Amaphoyisa azamile ukulimisa kodwa umzolwa wavulela ngezulu lezandla ebhekise emaphoyiseni, nawo aphendula, kwase kumenela umsolwa endaweni yesigameko,” kusho isitatimende samaphoyisa.
Kutholakale izibhamu ezimbili ezincane endaweni yesigameko kwathi esinye satholakala kuye umsolwa, esinye satholakala ngaphakathi etekisini abehamba ngayo.
Amaphoyisa avulelwe icala lokuzama ukubulala esiteshini samaphoyisa esiseMaydon Wharf.
