
Iphutha lomkhuzi wamaphoyisa eKZN uLt General Nhlanhla Mkhwanazi alenza ePhalamende limdonsele amanzi ngomsele ngoba usevulelwe icala lokuqamba amanga efunge ukuthi uzokhuluma iqiniso. UMkhwazi wathi owayengungqongqoshe wamaphoyisa uBheki Cele wathumela uVusimuzi Cat Matlala i bank account futhi kwafakwa imali kuyo.
UMkhwanazi wathumela incwadi yokuxolisa ePhalamende wathi ithimba elaliphenya lenza iphutha wathi shwele kuCele.
Amalungu ekomidi lephalamende eliphenya ngobugebengu obenzeka emaphoyiseni lathi kuzomele azoxolisa bukhoma.
UCele wathi uyamxolelq ngoba ukholwa ukuthi wenza iphutha engaqondile okubi.
UMkhwanazi uvulelwe icala uFadiel Adams oyilungu leNational Coloured Congress ePhalamende.
