
I-NFP ethi ayisabuthembi ubuholi be-IFP eKZN inesihlalo esisodwa esishayamthetho.
Uhulumeni wokubambisana umi kanje ngezihlalo:
IFP – 15
ANC – 14
DA – 11
NFP – 1
Kwenza u-41 ezihlalweni ezingu 80.
I-MK Party uma ihlangana ne-EFF neNFP i-IFP iqhubeka ukusebenza ne-ANC neDA kuzoba u 40/40.
I-MKP inezihlalo ezingu-37, EFF ezimbili neNFP enesisodwa.
I-MKP isadinga elinye iqembu ezosebenza nalo ngaphadle kwe-EFF neNFP noma ilungu le IFP, ANC noma iDA elizovota nayo
Njengoba iNFP isikhulume kanje, kubhekiwe ukuthi uMEC wayo uMbali Shinga ophethe umnyango wokuthuthukiswa komphakathi uzosula yini esikhundleni sakhe.
