
Nhlakanipho Mnqayi
UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli uthe umqhudelwano ka-2025 wePremier’s Cup angeke ufane noweminyaka yangaphambili.
UNdunankulu usho kanje ngesikhathi namhlanje kwethulwe umqhudelwano wePremier’s Cup eRichards Bay, lapho amaqembu ayisithupha aKwaZulu-Natal ezogadulisana enkundleni yezemidlalo esanda kulungiswa uMhlathuze Sports Complex.
Lomqhudelwano okungo wesi-11 udlalwa uzofaka phakathi amaqembu afana no-AmaZulu, Lamontville Golden Arrows, Milford FC, Richards Bay FC, Durban City neMidlands Wanderers FC esanda kukhushulelwa esigabeni seMotsepe Foundation Championship. Uzoqala zingu-26 kuya ku-27 July nonyaka.
Okunye okuhlalukile ukuthi iqembu ngalinye elizoba yingxenye yalomqhudelwano lizothola imali engu-R750 000 njengoba imali esetshenzisiwe ukuhlelela lomqhudelwano usuwonke ibe ngu-R8.5 million.
Elandisa abezindaba, uNtuli uthe njengoba kukhona amaqembu amasha emqhudelwaneni walonyaka, unethemba lokuthi bazobona ibhola elinenkosi phakathi.
“Silindele ibhola elizobe liqhwiza umentshisi kulonyaka ka-2025 kulomqhudelwano ngenxa yekhono lamaqembu elinawo. Abantu baKwaZulu-Natal bayayithokozela kakhulu lemidlalo nokuthi uhulumeni abe yingxenye ukuze yenzeke ngempumelelo okwenza amaqembu akulesi sifundazwe athole ithuba lokuba aveze abadlali abasha,” kusho uNtuli.
Uthe ukuba khona kwalomqhudelwano akusikhona kuphela ukudlala ibhola kodwa ukuhlanganisa isizwe.
“Siyazi ezemidlalo zibumba isizwe kanti futhi ziyasilekelela ukuthi intsha isuke ezintweni ezingase zicekelele ikusasa lazo,” usho kanje.
Ugcizelele ukuthi zonke izinhlaka KwaZulu-Natal zitshale imali kwezemidlalo ikakhulukazi emiphakathi engathathi entweni futhi kusekuningi okungenziwa ukubeka ikhono lentsha yaKwaZulu-Natal ebalazweni.
Khonamanjalo: uNgqongqoshe wezeMidlalo amaSiko nezobuCiko, KwaZulu-Natal, uMnuz Mtomuhle Khawula uthe lomqhudelwano ubalulekile emaqenjini akulesi sifundazwe ngoba athembele kuwo ukulungiselela isizini esuke izoqala maduzane nanokuthi babone abadlali abasha ababasayinisile ukuze bejwayelane futhi uletha ubumbano olukhulu.
NgoMgqibelo: 26 July 2025
AmaZulu vs Golden Arrows ngo-11 ekuseni, Durban City vs Milford FC ngo-1 emini.
NgeSonto: 27 July 2025
Midlands Wanderers FC vs Richards Bay FC ngo-9 ekuseni
Match 1 winner vs Match 2 winner ngo-1 emini
Umdlalo wamanqamu uzoba ngo-4 ntambama.
